Izibongo nezithakazelo

Izibongo nezithakazelo

SURNAMES: Each family would have a surname by which it would be known. These surnames originated from the names of people who were actually living at some stage in the past. Each surname would represent a clan and its kingdom. An example of this would be the Maqadini , Mabomvini, Machunwini, Ndwandwe, Mazibuko clans, etc.

PRAISE NAMES: Each surname would have a praise name, isithakazelo. Praise names come about in many ways. What is of importance about them is that they show the genealogy, relation and importance of family members. Praise names were another way of remembering deceased family members. Sometimes the praise name would function as a surname. For example the Ndlela surname would be the praise name for the Ntulis or the Mwelase surname would be the Mazibuko's praise name.

THE FUNCTION OF PRAISE NAMES: Praise names can be used to show respect. In Zulu culture it is rude to simply call a person by name. That is why praise names are important because they take the place of a person's name. As a result you may find a that a person is no longer called by his name but by his praise name. For example, a person whose name is Joe Mazibuko would be called Nzima.

The praise name is used to call out when a person arrives at someone's home before proceeding inside. This is done to respect or praise the people carrying that name. For example if you are visiting the Mazibukos you would salute them as Ee! Mwelase!

Praise names are also used for married women. This is used to recall or respect the woman's family. For instance a Khumalo bride would be referred to as MaMntungwa.

It is important for a Zulu person to know his/ her praise name. This helps prevent a person marrying his/ her relation. It also helps a person know his/ her origin.

Here are some of the praise names:

- Buthelezi - Shenge, Sokwalisa
- Cele - Ndosi, Dubandlela
- Dlomo - Mkhabela, Dinangwe
- Hadebe - Mthimkhulu, Bhungwane
- Jali - Bhengu, Ngcolosi
- Khuzwayo - Qwabe, Gumede
- Langa - Sothole, Ngwane
- Mazibuko - Mwelase, Nzima, Phuthini, Mgabhi, etc.
- Mjwara -Mbelu, Mnangwe
- Nxumalo -Ndwandwe, Mkhatshwa
- Qwabe - Gumede
- Sibiya - Sotobe, Ndaba
- Thwala - Mnyamande, Motha
- Zuma - Msholozi, Cebekhulu

Izimbongi zamakhosi akwaZulu


“The role of an Imbongi is a responsible one in African society, for it involves articulating the feelings of the community, and encapsulating these sentiments in concise poetic phrases. Not only does the Imbongi praise, but must also ponder, even offer criticism.

KwaZulu inkosi nenkosi iba nomQaphi noma abaQaphi bayo, ababizwa ngokuthi
izimbongi. Nazi izingwazi ezivelayo emlandweni wakwaZulu, ezenza umsebenzi wobumbongi ngendlela encomekayo:

 

INKOSI

IMBONGI

uShaka kaSenzangakhona

·         UMshongweni

uDingane kaSenzangakhona

·         UMagolwana Jiyane

uMpande kaSenzangakhona

·         UMagolwana Jiyane

uCetshwayo kaMpande

·         UMahlangeni KhumaIo

·         UMagqayingana kaLutholude

·         UKlwanakaNgqengelele

uDinizulu kaCetshwayo

·         USehla kaNdengezi

·         UHlamlana kaMbangezeli

uZwelithini kaBhekuzulu

·         UNtulizenkosi Dlamini

·         UNomahhekle Gwala

·         UBuzetsheni Mdletshe

(Fakude,2000).

Imbongi in full regalia

Izibongo zikaShaka kaSenzangakhona

Izibongo lezi zinomlando wokuhlabana, wobuqhawe, wobuchule, wokunqoba, wobunzulu, besizwe, bamakhosi oselwa, bamathongo kanye nabo bonke abasadla amabele. Yingakho-ke zincoma nje, zigxibha nje, zinqanda nje, zilawula, zikhomoza izihlabani nezahluleki kokubi nokuhle ezikwenzayo esizweni. (Khumalo, 1993:76).

IZIBONGO ZIKASHAKA

UDlungwana kaNdaba!
UDlungwana woMbelebele,
Odlung' emanxulumeni,
Kwaze kwas' amanxulum' esibikelana.

UNodumehlezi kaMenzi,
USishaka kasishayeki kanjengamanzi,
Ilemb'eleq' amany'amalembe ngokukhalipha;
UShaka ngiyesab' ukuthi nguShaka,
UShaka kuyinkosi yasemaShobeni.

UNomakhwelo ingonyama;
UMahlom' ehlathini onjengohlanya,
Uhlany' olusemehlwen' amadoda.

UDabaz' ithafa ebeliya kuMfene;
UNomashovushovu kaSenzangakhona,
UGaqa libomvu nasekuphatheni.

UBholokoqa bazalukanisile,
Zalukaniswe uNoju noNgqengenye,
EyakwaNtombazi neyakwaNandi;
Yayikhiph' eshoba libomvu,
Ikhishwa elimhlophe lakwaNandi.

Bambiz' eMthandeni beyisela,
Bathi 'Singesinelane neNtungwa lasenhla',
Kanti uzawudl' uPhakathwayo emphindelweni.

UVumavumane lukaphephe,
UDlungwana wavuma na?
Umvumeleni uGodolozi,
Ethi ngowanganeno kwaNandi,
Kant' ukude kwaNtombazana?
Ilanga eliphahl' elinye ngemisebe,
Kalokhu liphahl' eliseMthandeni.

Amazwi mabili engiwabongayo,
Ngibong' elikaMpandaba nelikaNdungenkomo,
Bethi "Ucu aluhlangan' entanyeni";
Akenibuze kwabaseZinkondeni,
Bath'uHilwayo bayakumhlaba kwaHlokohloko,
Kwaf' amasi kwaf' uqephe.

Teku lwabafazi bakwaNomgabhi,
Betekula behlez'emlovini,
Beth' uShaka kakubusa kakuba nkosi,
Kant' unyakan' uShaka ezakunethezeka.

Inkom' ekhal' eMthonjaneni,
Izizwe zonke ziyizwil' ukulila,
Izwiwe uDunjwa waseluYengweni,
Yezwiwa uMangcengeza wakwaKhali.

UMlilo wothathe kaMjokwana;
UMlilo wothathe ubuhanguhangu,
Oshis' izikhova eziseDlebe,
Kwaya kwasha neziseMabedlana.

Odabule kuNdima noMgovu,
Abafaz' abenendeni baphuluza;
Imikhubulo bayishiy' izinqindi,
Imbewu bayishiya semahlangeni,
Izalukazi zasala semanxiweni,
Amaxhegu asala semizileni,
Iziqu zemithi zabheka phezulu.

Izimbongi Important Links

Write a new comment: (Click here)

SimpleSite.com
Characters left: 160
DONE Sending...

nkululeko | Reply 10.04.2014 12.51

Ngicela ukwazi ngezithakazelo zakangobese nokuhlobana kwabo nenkosi ushaka

Mthokozisi Langa | Reply 03.04.2014 18.40

Ngicela ukwazi ngemvelaphi kanye nomlando wakwaLanga.

Sphamandla Gumede | Reply 19.03.2014 13.52

Ngicela ukwaziswa ngomlando wakwa Gumede

phiri | Reply 19.03.2014 10.09

Im a Phiri from Malawi but I knw nothing about them hence my gran moved a very long time ago and immigrated to South Africa me and my family just discored this.

zama | Reply 11.03.2014 17.56

Bengithi awusekho umlando.ngicela ngipha umlando kamzilikazi

Mandisi Nhlangothi | Reply 02.03.2014 23.45

Sanibonani. Ngicela ningiphe ulwazi ngesibongo sami. Angizazi ngokuphelela izithakazelo zakithi lokhu okungishayisa ngamahloni kakhulu. Kaze kwenzekani kithi. :

Silungile Mbambo | Reply 02.03.2014 20.48

Ngicela ukwaziswa ngomlando nezithakazelo eziphelele zakwaMbambo

Mbuso Mbambo 14.04.2014 16.17

Sawubona dadewethu, bengifisa ukwazi ukuthi walithola yini usizo ?

vuyi | Reply 12.02.2014 13.00

cela ukwazi ngethakazeli zakwa hlatshwayo

Nhlaka | Reply 02.02.2014 19.27

Ngicela ukwazi izithakazelo zakwa-NGUZANE noma KHWEZI PLZ

See all comments

| Reply

Latest comments

18.04 | 16:15

My name is Lekwa Nhlapo.The Mazibuko clan is close to the Nhlapo clan of which we share the name Mwelase.Fenyane Mazibuko(1895-1981) daughter of Manzezulu was

...
14.04 | 16:17

Sawubona dadewethu, bengifisa ukwazi ukuthi walithola yini usizo ?

...
10.04 | 13:03

NoGama uyawfaka uNgwane

...
10.04 | 12:51

Ngicela ukwazi ngezithakazelo zakangobese nokuhlobana kwabo nenkosi ushaka

...
You liked this page
Hi!
Make your own website like I did.
It's easy, and absolutely free.
AD